COVID-19: Umyalezo ovela kwiNtatheli yeSambane: Njabulo Shezi | Isambane News

COVID-19: Umyalezo ovela kwiNtatheli yeSambane: Njabulo Shezi | Isambane News

Sanibonani Ningizimu Afrika igama lami ngingu Njabulo Black Shezi ngingumsakazi neNtatheli ku-Isambane News. Bengifisa ukunincenga ukuba silaleleni umyalelo kaMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba sihlale ezindlini ukuze siphephe kulolubhubhane iCOVID-19 ebese siphinde senze lokhu uMnyango weZempilo osiyalela khona ukuba sikwenze njengokusebenzisa izibulali zinambuzane eziluketshezi ezandleni nokunye ukugwema ukubhebhetheka kwaleli gciwane. Ngiyabonga kakhulu Mzansi Afrika”

Read More

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngeye PSL | Isambane News

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngeye PSL | Isambane News

Udaba Ngu: Njabulo Shezi Akukazeki noma isazoqhubeka yini iLigi yebhola yalapha eNingizimu Afrika iPremier Soccer League noma izosale isisongwa ngenxa yobhubhane lweCOVID-19. Uma kungathiwa iyagoqwa isizini esikuyo lokho kuzosho ukuthi indebe kuzofanele inikezwe abahleli esicongweni seLog okuyiKaizer Chiefs. Sesike sabona kwenziwa kwiLeague yeCricket ivalwa kwasekuthi iDolphins okuyiyona eqhwakele yethiwa njengompetha,kanti futhi nakuPremier League yaseNgilandi nakhona kusikazwa kona ukuthi isizini isale isigoqwa lokho okuyosho ukuthi iLiverpool ingompetha beEPL. Isithombe: TwitterOfficial PSL (@OfficialPSL) | Twitter

Read More

Usenekhaya elisha uBongani Mtolo | Isambane News

Usenekhaya elisha uBongani Mtolo | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Isibabuli somsakazi uBongani Mtolo usethole ikhaya elisha lokusakaza okuyiRadio 2000 emveni kweside isikhathi kunamahlebezi athi uMtolo angase ashiye kuEast Coast Radio lapho abesakaza khona futhi abesebambe iminyaka khona. UMtolo uzojoyina ithimba lasekuseni (Breakfast Show) kanti ngalolushintsho olwenziwe yiRadio 2000 kulindeleke ukukhuphuka kwezibalo zabalaleli njengoba uMtolo ubengaconsi phansi kubathandi beEast Coast Radio. Isithombe: Radio 2000 Twitter

Read More