Bayalulama abadlali abahlanu abatheleleke ngegciwane leCorona ku-Mamelodi Sundowns | Isambane News

Bayalulama abadlali abahlanu abatheleleke ngegciwane leCorona ku-Mamelodi Sundowns | Isambane News

I-Mamelodi Sundowns egijima ku Premier Soccer League (PSL) isiveze ukuthi inabadlali abahlanu abahaqwe yigciwane leCorona. Laba badlali okuvela ukuthi bahaqwe yigciwane leCorona sebalulama,kanti kulindeleke ukuba baphindele enkundleni maduzane ukuze baqale nokuzilolonga njengoba kulindeleke ukuba imidlalo yePSL ibuye maduzane. Njengoba kulindeleke ukuba kubuye imidlalo ye PSL enkundleni maduzane wonke umuntu ngaphakathi eqenjini usehlolelwe igciwane leCorona,kubeka iMamelodi Sundowns esitatimendeni. Isithombe: Sicashunwe ekhasini leMamelodi Sundowns ku Facebook

Read More