Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News

Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Abalandeli besihlabani somculi kaMaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele bawotha ubomvu ngemuva kokuba iqhawe labo likhwele ladilika kwikhasi lakhe laku Facebook,lidilika uBig Zulu osematheni kulezinsuku ngezingoma zakhe ethi “Vuma dlozi” apike kuyo uMnqobi Yazo nethi “Isiginci” apike kuyo uMduduzi. Ethi kahle kahle ngabe uyena inxusa lakwaSpitz ukuba babengeke bambhanqe,maqede wangalidalula igama okukuveze ngokusobala ukuthi wayebhekise kuBig Zulu ngoba hhuye inxusa lakwaSpitz. Abalandeli bakhwele badilika kuye uMthandeni beveza nokuthi baphoxekile ngalamagaba awakhulumile UBig Zulu ubengakabonakali ekhombisa ukuphawula Isambane News – Sibuya Nazo Zishisa -isambanenews@gmail.com

Read More