Inkabi idalule uKelly Khumalo kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa | Isambane News

Inkabi idalule uKelly Khumalo kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa | Isambane News

Udaba Ngu: Njabulo Shezi Oziveze njengenkabi esolakala ngokusoconga uSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana owabulawa ngokutshulwa ngo2014,udalule ukuthi wayeqashwe yisihlabani somculo kuleli uKelly Khumalo ongumama wengane kaSenzo nowayethandana naye ukuthi ayosoconga lesisihlabani sikanobhujuzwayo ngokuthenjiswa isamba esithize semali, Nokungakacaci nokho ukuthi kungabe kwakuyini imbangela eyayingaholela ekuthenini kwakhiwe itulo lokusoconga uMeyiwa nowayeyithemba leNingizimu Afrika ngaleso sikhathi njengoba uzokhumbula ukuthi owayengikaputeni ngaleso sikhathi(2014) u-Itumeleng Khune wayelimele zonke intambo zihleli kuMeyiwa, Mumva nje kusanda kuputshuka ngemithombo yabezindaba ukuthi uKelly nodadewabo uZandie kabasabhekani nhlobo njengoba uzokhumbula ukuthi naye (uZandie) wayekhona endaweni yesigameko sokudlula emhlabeni…

Read More

Yenza kahle i-Wasn’t planned kaDBA Flame no Tylor | Isambane News

Yenza kahle i-Wasn’t planned kaDBA Flame no Tylor | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Ingoma eqoshwe ngaphansi kwestebele somculo weHip Hop iMoney Making Kings equkethe oTreezymcee, Tylor Kidd, DBA Ricco, DBA Flame noHashtag Beat,yenza kahle njengoba selokhu iphumile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule abantu bawuvali umlomo ngayo bekhombisa ukuyamukela ngezandla ezimhlophe futhi ibukeka ingena ebantwini. Lengoma esihloko sithi “Wasn’t Planned” eshawa nguDBA Flame apike kuyo uTylor Kidd (osesithombeni) iphume emavikini ambalwa edlule. Kanti ungaphinde uzitholele nomunye umculo okhishwa ngaphansi kweMMK ngokubalandela ezinkundleni zokuxhumana.

Read More