Kusenzima ukuqagula ngese PSL | Isambane News

Kusenzima ukuqagula ngese PSL | Isambane News

Udaba Ngu: Njabulo Shezi Kusenzima namanje ukuqagula ukuthi isicoco seligi kwiPSL sizowela kuphi njengoba amaqambu asembangweni wesicoco seLigi ebambene ngama phumuzu angama-53 nakuba-ke iKaizer Chiefs isaqhwakele ngokuhamba phambili ngamagoli, Womabili amaqembu asalelwe imidlalo emibili esandleni azowudlala wonke kanye kanye njengoba iKaizer Chiefs yona isazogadulisana neBaroka FC eqeda kubhaxabula iMamelodi Sundowns ngo1-0, Sisekuzo ezeligi Swallows FC yaseSoweto ikhuze ibuya kuPSL emveni kokunqoba isicoco seGlad Africa Championship kanti ibuyisana ne Ajax Cape Town elale isibili kanti kuPSL izembe lingase Ligawule iPolokwane City neBaroka FC kanti kuGlad Africa ligawule iTS Sporting neRoyal Eagles

Read More