Isambane News neiltovey1-300x190   Isambane

UTovey ubonge umphakathi, wahalalisela neDowns

UNeil Tovey, odedelwe esibhedlela saseThekwini ngeSonto ngemuva kwesonto ehlaselwe yisifo senhliziyo, uthe uthanda ukubonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngemithandazo yabo ezinsukwini ezedlule ebezinzima.

UTovey manje uyelulama ekhaya ngemuva kokuchitha izinsuku eziyisikhombisa esibhedlela.

“Ngisekhaya manje kodwa kuzothatha isikhathi ukuba ngilulame ngokugcwele njengoba amaphaphu, yizonso kanye nenhliziyo bekungasasebenzi kahle. Ngizocathula kancane kancane ngiqhubeke nokuyihlolwa,” kusho uTovey.

“Ngithanda ukubonga bonke abantu, umphakathi waseNingizimu Afrika, umndeni kanye nezisebenzi zasesibhedlela; ngithintekile impela futhi ngiyazithoba.”

UTovey uphinde wathatha ithuba wabongela iMamelodi Sundowns ngokuba ompetha base-Afrika.

Related posts

Leave a Comment