Ababhikishi baketule amaveni amaphoyisa e Richards Bay

Isambane News 620x349-1-300x168 Ababhikishi baketule amaveni amaphoyisa e Richards Bay  Isambane

Kusuke uthuthuva ngesikhathi kubhikisha izisebenza zaseMtateni waseRichards Bay namhlanje.

Laba basebenzi baketule amaveni amaphoyisa bawabhekisa phezulu.
Amaphoyisa avulele ngenhlamvu ezama ukuhlakaza ababhikishi abavuke umbhejazane.

Okhulumelaa amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kunabasebenzi ababoshiwe ngenxa yalesi sigameko.

Amaphoyisa abesiqaphe ngawokhozi isimo kanti kunxuswe abantu ukuba bangasondeli kule ndawo.

Kuthiwa abasebenzi bakhala ngezimo ezingezinhle abasebenza ngaphansi kwazo.

Related posts

Leave a Comment