Abantu bashaqekile ngokudlula emhlabeni komculi uNichume

Isambane News D8dSvquXYAAyVuY-300x253 Abantu bashaqekile ngokudlula emhlabeni komculi uNichume  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Akasekho emhlabeni umculi wakuleli uNichume Siwundla, owazakhela udumo ngonyaka ka2017 ngengoma eyashisa izikhotha ayenza noMobi Dixon ethi Bhutiza.

Ngokwesitatimende esikhishwe yinkampani abeqopha kuyo i- Top Chap Media sithi uNichume ongowokudabuka eKing Williams Town utholakale endlini yomngani wakhe izolo kusihlwa eseshonile,nokusolakala ukuthi uzibulele. Kuvela ukuthi imbangela eyenze ukuba lomculi azibulale yingoba ubenenkinga yengcindezi emqondweni (Depression).

Ukuhamba emhlabeni kwabaculi ngalenkinga yengcindezi emqondweni (Depression) sekuthanda ukuba yisejwayezi njengoba ngonyaka owedlule umculi we-Hip Hop kuleli uHHP adlula emhlabeni ngaso lesisimo.

uMobi Dixon obesondelene kakhulu noNichume ubhale ekhasini lakhe lwakwiTwitter ukuthi ujivazekile ngalesisigameko,kuzoba nzima ukusebenza ngaphandle kukaNichume,uphinde wadlulisa amazwi endunduzo emndenini wakwaSiwundla,kubangani kanye nakubathandi bombulo kaNichume.

#RipNichume@mobidixon·1h So loved and cherished deepest condolences to the Siwundla family, close friends and fans #RipNichume

Isambane News D8dZA_BWsAYplX2 Abantu bashaqekile ngokudlula emhlabeni komculi uNichume  Isambane
Esithombeni: nguMobi Dixon noNichume

Umculi wakuleli uAnga Makubalo odume ngelika Naak MusiQ usedlulise amazwi okushaqeka kwakhe ngalesi sehlo kuTwitter,buka nje ebesanda kukhipha ingoma noNichume ethi Camagu.

Baningi asebedlulise ukwethuka kwabo ngalesi sehlo ,okubalwa kubo abathandi bomculo kaNichume,abaculi bakuleli,uNgqongqoshe wezoBuciko naMasiko uMnu Nathi Mthethwa kanye nabanye.

Min. Nathi Mthethwa@NathiMthethwaSA·6hWe’re deeply saddened by the tragic passing of a shining star & celebrated musician Nichume Refeloe Siwundla – a talented daughter of the soil whose lovely voice reverberated in our hearts & gifted us lasting memories. We send our deepest sympathies to her loved ones. #RIPNichume

SiyiSambane News sithi dudu emndenini wakwaSiwundla.

I-Vido yengoma kaMobi Dixon ayenza noNichume ethi Bhutiza.

Izithombe namavido kucashunwe ku: Twitter

Related posts

Leave a Comment