ABUYISE IZINDUKU SEKUVALIWE AMAHLE AMAZULU

Isambane News 22550570_1447761022003723_1606277923492253240_o-2-300x178 ABUYISE IZINDUKU SEKUVALIWE AMAHLE AMAZULU  Isambane

Isambane News 22550570_1447761022003723_1606277923492253240_o-2 ABUYISE IZINDUKU SEKUVALIWE AMAHLE AMAZULU  IsambaneAndizo Mthembu
22 October 2017
.Namanje abakholwa abalandeli beMamelodi Sundowns abagilwe iqembu laMazulu fc osukwini lwayizolo kumdlalo we Absa Premiership eLucas Moripe Stadium nalapho khona uSuthu lujikele iSundowns eswini njengotshwala ivalela amagoli amabili sekuvalwe amehlo,nokungamagoli asize Amazulu ekutheni ebuye namaphuzu amathathu ephelele ekuhambeni.
.Lomdlalo wayizolo uqale ngegiya eliphezulu njengoba womabili amaqembu ebedinga ukunqoba njengoba ebephuma endukwini,iSundowns ize kulomdlalo inethemba lokuthi izozithathela amaphuzu amathathu kuSuthu njengoba belusanda kushaywa iqembu leKailzer Chiefs osukwini lwangolwesibili kanti Amazulu nawo ebeza kulomdlalo wayizolo nje ebedinga amaphuzu agcwele njengoba nayo ibisanda kushaywa iqembu lePolokwane City ngolwesithathu eKing Zwelithini Stadium.
.Ezika Pitso Mosimane osukwini lwayizolo izona ezivule ngegoli elivalelwe phakathi uThokozani Sekotlong ngomzuzu wesishiyagalombili,kanti ziye ekhefini iqembu le Downs kwilona elihamba phambili ngegoli elilodwa,kuthe zibuyela esiwombeni sesibili iqembu laMazulu libuye ngomfutho njengoba nomqeqeshi walo uCavin Johnson wenze inguquko ezinhle nalapho khona ngomzuzu ka 59 ufake uMabhudi Khenyeza wakhiphela ngaphandle uLungelo Dlamini kanti ukungena kukaKhenyeza kushintshe kakhulu umdlalo njengoba uJohnson uphinde wafaka uSiyabonga Nomvete ngomzuzu ka 75 wakhiphela ngaphandle uRhulani Manzini,ukungena kwalaba badlali bobabili kwenze ukuthi ezikaPitso Mosimane zidideke enkundleni nokuholele ekutheni uSiyabonga Nomvete ethole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka 80,ukungena kwaleligoli kutatazelise unozinti we Sundowns uBrimah Razak ophinde wagcwatshwa yigoli likacMabhudi Khenyeza alishaye ngomzuzu ka 87 sekuyophela umdlalo.
.Ukunqoba koSuthu kushiye abaningi bemangele njengoba iqembu leMamelodi Sundowns ilona ebelithwelwe ngeqoma kulomdlalo,njengamanje Amazulu asehlezi kunombolo 8 kwiligi ye Absa Premiership ngamaphuzu awu 11,umdlalo olandelayo waMazulu izotholana neqembu le Kailzer Chiefs eMoses Mabhida Stadium mhlaka 28 Okthoba 2017 kumqudelwano we Telkom Knockout,kumdlalo weligi Usuthu luzobuyela ngenyanga ezaya mhlaka 1 November nalapho khona izotholana neBaroka fc eKing Zwelithini Stadium.

Related posts

Leave a Comment