Ahoxisiwe amacala abekwe uMahlaba | Isambane News

Isambane News 59347632_2192114574434008_1213775989985771520_n-300x225 Ahoxisiwe amacala abekwe uMahlaba  |  Isambane News  Isambane

Udaba: Ithatheli yeSambane

Asehoxisiwe amacala abekwe iMeya yaseNewcastle uDKT Ntuthuko Mahlaba ngenxa yokungabibikho kobufakazi obanele ngalelicala, ngokubika kwephephandaba i-https://www.iol.co.za/news.

UMahlaba ubevele enkantolo yeMantshi eMadadeni namhlanje ekuseni ,lapho kubesekuhoxiswa kwamacala abhekene nawo.

UMahlaba ubebhekene necala lokubulawa kukaMnuz Wandile Ngubeni owayengunobhala we-ANCYL esiFundeni iMalahleni,esigamekweni esenzeka ngo-2016 bebuya ukuyokhankasela iqembu eMadadeni kwase kulimala kabi uMnuz Mafika Ndebele weYoung Communist League.

UMahlaba waphinde wamataniseka ecaleni lokubulawa kuka Mnuz Martin Nkosenhle Sithole obengufakazi kulelicala, kuthiwa wayecisha ubufakazi.

UMnuz Martin Nkosenhle Sithole noMnuz Buthanani Golden Shange badutshulwa babulawa ngo-May kulonyaka behleli phambi kwesitolo sikaSithole edolobheni eNewcastle, kwase kulimala abathathu abebezimele eceleni ngenkathi kwenzeka lesigameko sokudubula.

i-ANC Kwa-Zulu Natal ngo-Juni yabe isithatha isinqumo sokummisa kancane uMahlaba emsebenzini njengoba bekusaqhubeka uphenyo ngalelicala abekwe lona.

Udaba oluphele luzotholakala maduzane

Related posts

Leave a Comment