Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula kuka Akhumzi Jezile

Isambane News 26055779_10156031569727855_4323347930940307480_n-300x300 Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula kuka Akhumzi Jezile  Isambane

U-Akhumzi Jezile ongumlingisi, projusa kanye nomethuli wezinhlelo kuleli udlule emhlabeni namhlanje ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Lo mlingisi waduma kakhulu ku YOTV esakazwa ku-SABC 1,aqala kuyo ngonyaka ka 2007 kwaze kwaba unyaka ka 2012 engumethuli waloluhlelo lwabantu abasha.

U-Akhumzi udlula emhlabeni nje ubesengu msakazi wesiteshi esikhulu sakwa SABC kuleli uMhlobo-Wenene.

Izolo ubonakale ebhala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ukuthi ukuthi uzochitha impelasonto yakhe emakhaya ngalempelasonto

“Akhumzi Jezile”
Yesterday at 7:14pm.
Spending the weekend ezilalini…..kwaJezile!

UNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko uNathi Mthethwa usanda kubhala enkundleni yezokuxhumana iTwitter edlulisa amazwi enduduzo emndenini walo mlingisi.

Amaphoyisa azokhipha isitatimende esiphelele ngokudlula emhlabeni kuka Akhumzi maduzane.
Isambane News 16406950_10155001127482855_1378180720828779075_n Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula kuka Akhumzi Jezile  Isambane
Ulale ngoxolo Jezile!

Related posts

Leave a Comment