Alokhu egeleze njalo ezinkundleni zokuxhumana amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kowayengumongameli waseZimbabwe uMnuz. Robert Mugabe. UMugabe,udlule emhlabeni eseneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye nahlanu-95, ngemuva kokuxinwa ukugula njalo ehlezi elashwa eSingapore.

UMengameli wakuleli uMnuz. Cyril Ramaphosa usezwakalise ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kukaMugabe.
Umongameli waseZimbabwe uMnuz Emmerson Mnangagwa ethula umbiko wakhe ezinkundleni zokuxhumana,uthe uMnu. Mugabe walwela kakhulu inkululeko yezwe, izinhlelo zakhe zazingezokuthuthukisa impilo yabantu bakhe.
Iningi labantu seliveze imibono yalo ehlukahlukene ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokudlula emhlabeni kukaMnuz. Mugabe, abanye bathi wayengumholi ononya, kodwa abanye bathi wayeyiqhawe.
Abanye bathi ushone kuseniningi anhgakulungisanga futhi bekufanele exolise ngaphambin kokuba ashone ngodaba lweGukurahundi, lapho okwabulawa khona izinkulungwane nezinkulungwane zabantu eMatabeleland leMidlands ngaphansi kombuso wakhe.
UMnuz. Mugabe wabangumongameli waseZimbabwe kusukela ngonyaka ka-1980 kwaze kwaba ngu-2017,nokuyilapho akhishwa khona ibutho embusweni, kwathi owayeyisekela lakhe uMnuz. Mnangagwa wathatha izintambo zombuso.
UMnuz. Mugabe weza nohlelo lokuthathela abelungu eZimbabwe amapulazi, wawapha abansundu , okuyikho athi kwabangela ukuthi amazwe aphesheya ethwese elaseZimbabwe izijeziso, ezabangela ukuwa komnotho wezwe.
Isithombe: https://www.voandebele.com