Udaba: Ithatheli yeSambane
Kulindeleke ukuba umphakathi waseNewcastle ungenele inkunzimalanga yesiteleka #ShutDownNewcastle kusasa ekuseni lapho kuzobe kuliwa nokungalethwa kwezidingo zawo ngendlela efanele.

Umphakathi ukhala ngokuthi uMasipala waseNewcastle ubakhokhisa ngokweqile ugesi,ukuvalwa kwamanzi bekhokha,ukukhokhelwa kwezindawo zokupaka izimoto edolobheni kanye nokwehluleka komkhandlu ekulawuleni izimali zawo nokuholela ekutheni bagcine sebekhokhiswa ngokweqile.
Ngomsobuluko esibuya kuwo umphakathi wangenela umbikisho owawuholwa uMnuz Mdu Mnisi, owaqala ngezithuba zehora lesithathu (3) ekuseni ,wavala izindlela ezingenela edolobheni laseNewcastle neziphakathi nedolobha, kwashiswa amathayi kwavalwa nangamatshe emgwaqeni emva kwalapho base sebelibhekisa emaHhovisi oMasipala lapho babeyozwakalisa khona ukukhathazeka kwabo ngokungagculiseki kwabo ngokulethwa kwezidingo.
Umbhikisho wangoMsombuluko waba yimpumelelo nakuba bengakwazanga ukuxhumana neMeya uDkt. uNtuthuko Mahlaba kodwa uSekela wakhe uMnuz Reuben Molelekoa wazamukela izikhalo zomphakathi.Amalungu omphakathi abe esenquma ukuthi bafuna izimpendulo ngoLwesine lolu lwanamhlanje ngezikhalo zabo, okungenjalo bazoqhubeka futhi babhikishe kuze kube bayaphenduleka.

Isithombe: Sithunyelwe
Imeya yaseNewcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba ibe isikhipha incwadi yokuxolisa izolo iyiqondise kumalungu omphakathi, ichaza ukuthi angeke ikwazi ukudibana nabo namhlanje ngenxa yokuxinwa yimihlangano.
Funda: Incwadi ngezansi.

Umphakathi wona uthi awuvumelani nokubhalwe yiMeya kulencwadi ngakho-ke angeke bahlale besonge izandla bangenzi lutho kodwa kusasa ekuseni bazongenela inkunzimalanga yesiteleka.Banxusa umphakathi ukuthi ungalokothi ulubhade emsebenzini kusasa
Kulindeleke ukuba abasebenzi balaxaze amathuluzi kusasa bangenele isiteleka.Amabhizinisi nawo azovalwa ngenxa yokugwema nokuqinisekisa ukuthi akucikeleleki phansi impahla yabo.
Abamabhizinisi bayanxuswa ukuthi bakuqikelele ukuthi amakhamera abo ngaphakathi emabhizinisini abo asebenza kahle ukuze kuqopheke konke okungenzeka.
Imigwaqo eminingi ezingxenyeni zedolobha iNewcastle izobe ivaliwe,kanti uMnuz Mdu Mnisi uthe bazoqinisekisa ukuthi abezimo eziphuthumayo, abahlengikazi,odokotela bayavulelwa indlela ukuba badlule ukuze bezokwazi ukuhlenga izimpilo zabantu emitholampilo.
Amaphoyisa azobe etshalwe kuzo zonke izindawo eNewcastle ukuqinisekisa ukuthi isiteleka asiphumi esandleni.
Udaba luyaqhubeka…..
#IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa