Amaphoyisa akhala ngezigebengu embhikishweni wabafundi

Isambane News DSC_0861-Copy-300x200 Amaphoyisa akhala ngezigebengu embhikishweni wabafundi  Isambane

UKhomishana wamaphoyisa osabambilie, uKhomotso Phahlane, uthi izigebengu ezizenza ingxenye yemibhikisho yabafundi nezifuna ukubona esinye isigameko saseMarikana zizophoxeka kakhulu.

UPhahlane uthi abanye ababhikishi babukeka benenhloso yokuchukuluza amaphoyisa kuze kufike lapho kuzophuma khona izidumbu.

Amaphoyisa acela ukufuniswa izigebengu ezidlwengule unogada

Abavukuzi abangu-34 badutshulwa bashona ngenkathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kubavukuzi ababesesitelekeni emayini yaseLonmin, eMarikana. eNorth West, mhlaka-16 August 2016.

“Sizoqhubeka nokubaphoxa,” kusho uPhahlane.

Amaphoyisa athi anolwazi lokuthi izigebengu zingenisile emibhikishweni yabafundi ukuze ziqhube izinhloso zazo. Athi athole amabhomu aphethiloli angu-12 kanye namalitha amabili aphethiloli egaraji leNyuvesi yaKwaZulu Natali, ophikweni oluseMgungundlovu.

Related posts

Leave a Comment