Amaphoyisa ase Mpumalanga aphansi phezulu athungatha umfanyana oneminyaka engu 13 ubudala othunjiwe

Isambane News images Amaphoyisa ase Mpumalanga aphansi phezulu athungatha umfanyana oneminyaka engu 13 ubudala othunjiwe  Isambane

SAMUKELISIWE HADEBE –

Amaphoyisa ase Mpumalanga aphansi phezulu athungatha umfanyana oneminyaka engu 13 ubudala othunjwe edlala nabangani bakhe egcekeni lakubo.

Lesigameko senzeke ngeSonto emini kanti kuze kubeyimanje awukho umkhondo otholakele ngokunyamalala kwakhe loMfanyana.

Okhulumela amaPhoyisa uLeonard Hlantsi uthe okwamanje bazama ukuqinisekisa incwadi eshiywe egcekeni ngabaThumbi ethi umndeni kuzomele ukhokhele isamba esingu 15 samaBit-coins.

Umfanyana kukholakala ukuthi wayedlala nabangani bakhe ngesikhathi indoda egqcoke izingubo ezimnyama ehamba ngemoto yohlobolwe lweToyota,yathatha uKatlego yase ishiya incwadi ethi umndeni kufanele ukhokhele isamba samaBit coins base bemufaka emotweni bahambanaye.

Related posts

Leave a Comment