I ANC ithi akume ukuhlukunyezwa kwezinsiza zombuso

Isambane News 14570221_1813437765541139_491264657640940273_n I ANC ithi akume ukuhlukunyezwa kwezinsiza zombuso  Isambane

Iqembu le ANC selikhiphe isitatimende esibhekiswe kwiqembu le Democratic Alliance ukuthi akume ukuhlukunyezwa kwezinsiza zombuso njengalokhu iqembu le DA kuyilona eliphethe kwidolobha laseGoli.
Iqembu le ANC kusifunda esisegoli lishaye ikhwelo kuhulumeni wesifundazwe ukuthi amise iqembu le DA ekusebenziseni kabi izinsiza zombuso.
Lokhu kuza emvakokuthi usodoloha omusha osanda kuqokwa kulelidolobha uHerman Mashaba ubelokhu esebenzisa izinsiza zokuxhumana zomhklandlu dolobha waseGoli ephula nanemithetho ephakathi kukahulumeni namaqembu ezepolitiki kwimthetho emisiwe.
Okunye futhi okubalwayo ukuthi iqembu le DA lakhipha izitatimende kwabezindaba ngalaba abasebenzela uhulumeni kulelidobha kunezinsolo ngeqembu le ANC ezinye zalezinsolo kubalwa izikhulu ukuthi zihambela emazweni aphesheya ziphindelela nokubalwa amalunga eqembu le DA kulizinsolo.
Iqembu le ANC lithi angeke lavumela nje ukuthi kuhlukunyezwe izinsiza zombuso kanjalo nabasebenzi ngaphathi kwesolabo ngakho ke sebecele undunankulu wesifundazwe saseGauteng uDavid Makhura ukuthi angenelele kuloludaba

Related posts

Leave a Comment