Iqembu le-ANC eThekwini lihlela ukubamba ukhukhulelangoqo wemashi ngenhloso yokweseka uMengameli Jacob Zuma, abakholwa ukuthi uyahlaselwa ngenhloso yokuphendukela umbuso.
“Njenge-ANC, sesikulungele ukuvikela uMengameli wethu owakhethwa ngentando yeningi uMengameli Jacob Zuma kanye nohulumeni wonke wentando yeningi kunoma yimiphi imizamo engahambisana noMthethosisekelo yokuphendukela umbuso eholwa abaphendukeli bombuso abafana noJulius Malema,” kubeka isitatimende.
I-ANC kulesi sifunda iphinde yanxusa bonke abantu baseThekwini ukuthi babe yingxenye yale mashi ukuze kuthunyelwe umyalezo ocacile wokuthi sebekulungele ukuvikela leli zwe.
Le mashi kulindeleke ukuba iqale eKing DiniZulu Park, ibheke eCity Hall ngoMgqibelo, ngo-11:00.