Angase avele kusasa enkantolo uMeya waseNewcastle osolwa ngokubulala

Isambane News 55611069_2564474990246812_7216882278167740416_n-228x300 Angase avele kusasa enkantolo uMeya waseNewcastle osolwa ngokubulala  Isambane

Umbiko wokuboshwa kuka DKT Ntuthuko Mahlaba wavela esiteshini sezindaba sethelevishini i-eNCA kanye nakwi vido eyayisabalele ezinkundleni zokuxhumana iveza loyo oyiMeya yoMasipala waseNewcastle edliwa ngamasongo kasigonyela.

UMahlaba uboshwe ngolwesihlanu ngezinsolo zokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayengumholi wophiko lwentsha i-ANC Youth League.

Okhulumela uNgqongqoshe wamaphoyisa UBheki Cele,uRenilwe Serero uthe uMahlaba angase avele enkantolo kusasa noma ngolwesibili.

ISITHOMBE: Sicashunwe ku-Facebook/NewcastleMunicipality

Related posts

Leave a Comment