Ubaba kaSenzo Meyiwa, uSamuel, uthi akushiwo uma kukhona la ona khona bese eyaxolisa, ngoba akasayiqondi indlela izinto ezenzeka ngayo.
Ubaba kaSenzo, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uthi akazi ngungani ehlukunyezwa kangaka.
“Akucaciswe uma kukhona engabanyathela amakhona ukuze silungise izinto njengamadoda,” kusho uMeyiwa
Uthe uyabona ukuthi uyashaywa kwazise sekuphele iminyaka emibili indodana yakhe yabulawa kepha akukaboshwa muntu.
“Ngisho nemali yakhe yomshwalense ayifiki ezandleni ezifanele. USenzo wangishiya nezingane ezintathu ezifundayo futhi ezidinga ukondliwa,” esho.
Uthi seziyazitshwa nezingcingo zakhe uma ebuza ngale mali.
“Sekungathi manje konke okwakwenziwa kwakwenzelwa amehlo abantu ngendumezulu yomngcwabo. Angisaqondi ukuthi kungani le mali ingaphumi,” ezikhulumela.