Asedaluliwe amagama abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto eDlangubo

Isambane News unnamed-1-300x190 Asedaluliwe amagama abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto eDlangubo  Isambane


Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa –

Uphiko oluzimele lophenyo (Forensic investigators) ludalule amagama abantu abangu-13 abashone ngenkathi kubhidlika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni Kwa-Zulu Natal.

Amagama abashonile kanye nezindawo abebehlala kuzo,kumi kanje:

  1. Samkelisiwe Mzila – Ulundi
  2. Lungi Mcambi – eSikhawini
  3. Nokuthula Hlongwane – Ulundi 
  4. Bongekile Masondo – eSikhawini
  5. Ntando Mlondi – eSikhawini
  6. Thandazo Dube – Ulundi
  7. Minenhle Mdluli – Ulundi
  8. Thule Ncube – eSikhawini
  9. Mthabela Andiswa – Maqhwakazi
  10. Thembi Mthabela – Maqhwakazi
  11. Alta Langa – Maqhwakazi
  12. Alice Mhlongo – eSikhawini
  13. Nonkanyiselo Shandu – Ulundi


Ukushona kwabangu-13 kuvela ukuthi kudalwe imvula ebihambisana nomoya omandla ngolwesine olwedlule kusihlwa,kwase kubhidlika ingxeke yesakhiwo sebandla ibhidlike maqede yawela kubazalwane bebandla ngolwesine kusihlwa.

Abesifazane abayishumi nambili (12) kanye nosana lomfana bashonele endaweni yesigameko kwathi abazalwane abayishumi nantathu(13) abalimele bathunyiswe esibhedlela.

Uhulumeni waKwa-Zulu Natal oholwa uMnuz Willies Mchunu ngokulekelelwa umyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba (KZN Cogta),oholwa uNksz Nomusa Dube Ncube kanye neminye iminyango basungule uphenyo mayelana nokubhidlika kwesakhiwo sesonto

Imindeni yabashonile ishaqekile kakhulu ngalesigameko kanti kulindeleke ukuthi imindeni yabashonile ihlonze izidumbu kusasa.

Isambane News  Asedaluliwe amagama abangu-13 abashone kubhidlika isakhiwo sesonto eDlangubo  Isambane

Related posts

Leave a Comment