Ayikatholakali namanje intombazane eyaminza nezikhukhula eGoli

Isambane News unnamed-1-300x190 Ayikatholakali namanje intombazane eyaminza nezikhukhula eGoli  Isambane

Namanje ayikatholakali ingane yentombazane eneminyaka engu-3 ubudala, u-Everite Chauke eyamuka nezikhukhula.

Okhulumela iJoburg Emergency Management Services, uNana Radebe, ngoLwesithathu uthe: “Kuze kube yimanje u-Everite Chauke akakatholakali.”

U-Chauke wamuka nomfula waseJukskei e-Alexandra ngoLwesithathu ngesikhathi kunemvula enkulu.

Ubaba kaChauke, uShadrick Chauke, onomjondolo ogudla umfula, wagibela esihlahleni nengane yakhe bebalekela izikhukhula.

Igatsha ababebambelele kulo lephuka, u-Chauke wawela emanzini.

AbakwaChauke babalwa neminye imindeni esale dengwane kulandela izikhukhula ezashiya umonakalo omkhulu.

Related posts

Leave a Comment