AZIPHELI IZINHLUNGU NGO SENZO MEYIWA

Isambane News 10441067_303701176501579_8368703104695038556_n.jpg-300x199 AZIPHELI IZINHLUNGU NGO SENZO MEYIWA  Isambane

Isambane News 10441067_303701176501579_8368703104695038556_n.jpg AZIPHELI IZINHLUNGU NGO SENZO MEYIWA  IsambaneAndizo Mthembu – osukwini lwayizolo bekuwuku lapho khona bekukhunjulwa lo owayengunozinti we Orlando Pirates ne Bafana Bafana uSenzo Meyiwa owadlula emhlabeni mhlaka 26 Okthoba 2014, owadutshulwa eVosloorus eGoli kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo,sekuphele iminyaka emithathu ababulali abatholakali ababulali bakhe.

UBaba kaSenzo Meyiwa ,uSam Meyiwa namanje usakhihla isililo ngokungatholakali kwababulali beNdodana yakhe njengoba wathola ithuba lokukhuluma noNgqongqoshe waMaphoyisa uFikile Mbalula ngesikhathi ehambele ehostela laseMlazi iGlebelands nalapho wabika usizi lwakhe kuNgqongqoshe ethi akasoze akuthola ukuphumula uma ababulali beNdodana yakhe bengatholakali.

UMeyiwa umile kwelokuthi labo ababekhona kubulawa iNdodana yakhe ,yibo okumele bakhiphe iqiniso.

Related posts

Leave a Comment