Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe
Azwakalisa ukungenami amaqembu amancane mayelana nezigameko ezivele kulandela izinsolo zabantu abasolwa ukuthi bavote kabili KwaZulu Natal, eMpumalanga kanye nase Pretoria.
Seloku kuqale ukubalwa kwama voti njengoba kuqhubeka ukhetho,iqembu leANC ilona ebelibukeka li hamba phambili kuzifundazwe ezahlukene. Injabulo ibhalwe emehlweni kubalandeli beANC ngemiphumela yeqembu labo. Kanti ne Qembu le IFP njengoba livelele eKZN, i- DA nayo bebelindele lukhulu kuyo njengoba ivelele eWC yize benganeme abalandeli bayo ngemiphumela elibe evele kuqembu labo kanye ne zigameko ezivelile kulandela imibiko yezinsolo zabantu okusolwa ukuthi bavote kabili eKZN endaweni yase Dannhauser, Hluhluwe kanye Port Shepstone. Banesifiso sokuba u IEC uliphinde kabusha lolu Khetho. Kanjalo ne EFF kanye ne BLF izwakalisa izikhalo zayo kulandela imiphumela kanye namavoti ekuthiwa awakabalwa.
Izakhamuzi ezi ngabalandeli bamaqembu amancane nazo azeneme ngemi phumula. Omunye wezakhamuzi ongenaku dalulwa uthi abaluboni lolukhetho njenge beli khululekile futhi linga chemile. Uphinde wazwakalisa ukuthi lemiphumela ayiba gculisi ilakhulukazi ngezi ngqinamba ezilibe zibikwa kanti bayakhala ngoku sebenza kwe IEC. Umlandeli weQembu le IFP inesifiso sokuba kuvotwe ngokwe simanje ngokwe technology ukuze kuzogwenywa izingqinamba ezifuze lezi ezenzakalayo.
Okhulumela Amaphoyisa uMnu Vish Naidoo uthe, basaqhubeka nophenyo kanti abatholakale kwizinsolo zokuvota kabili KwaZulu Natal abangu 20 kanye nabangu 4 Pretoria basesitokisini kulandela ukuphula umthetho wokuvota.
i- CEO yakwa-IEC uSy Mamabolo uzwakalise ukuthi amavoti amoshekile okanye athakele ukuthi bekungawokuvota kwesibili ngeke aze abalwe.
Isithombe: https://www.facebook.com/IECSouthAfrica/