I Bafana bafana ixoshe uRantie ngemuva kokungagcini isikhathi

Isambane News images I Bafana bafana ixoshe uRantie ngemuva kokungagcini isikhathi  Isambane

I-SAFA isikuqinisekisile ukuthi uTokelo Rantie udedeliwe eqenjini leBafana Bafana njengoba lizilungiselela ukubhekana neBurkina Faso ngoMgqibelo.

IBafana Bafana izobhekana neBurkina Faso emdlalweni wokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba yango-2018 ozoba seStade du 4 auot e-Ougadougou.

URantie wabizwa umqeqeshi uShakes Mashaba ukuba abeyingxenye yeqembu, kanti ungomunye wabadlali abane abadlala phesheya kwezilwandle ebebebiziwe.

Kodwa iSAFA ithi usehoxisiwe eqenjini leBafana ngemuva kokwehluleka ukufika ngesikhathi enkanjini.

URantie wehlulekile ukufika ngo-Okthoba 2 njengabanye abadlali kanti futhi ubengekho nangosuku olulandelayo ngesikhathi uMashaba neqembu lakhe befika ejimini.

UMashaba uthi ukuxoshwa kwalo mdlali kwenziwe ngoba befuna ukukhuthaza umoya wokuziphatha ngendlela efanele.

“Udaba lukaRantie seluzosingathwa yinhlangano yebhola (SAFA) ukuze ithathe izinyathelo ezifanele,” kusho i-SAFA kwi-website yayo.

Related posts

Leave a Comment