Bangu-65 000 abantu abafake izicelo zomsebenzi wamaphoyisa kamasipala waseGoli

Isambane News 18238799_458264604512219_6046584588801066216_o-1-300x225 Bangu-65 000 abantu abafake izicelo zomsebenzi wamaphoyisa kamasipala waseGoli  Isambane

Bangu-65 000 abantu abafake izicelo zomsebenzi wamaphoyisa kamasipala waseGoli kulandela ukuvulwa kwezikhala ezingu-1 500 zabazothola ukuqeqeshwa, kusho idolobha ngoLwesithathu.

“Nakuba kuyizindaba ezinhle lezi eMnyangweni futhi kuqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle, kuyadumaza kodwa ukubona ukuthi baningi kangakanani abantu abangasebenzi edolobheni lethu,” kusho okhulumela ikomidi lezokuphepha kuleli dolobha, uLuyando Longwe, esitatimendeni.

ikhala zabazoqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa zakhangiswa ngo-Ephreli 30 kanti ukufakwa kwezicelo kuvalwe ngoMeyi 4, kubika
Labo ezizophumelela izicelo zabo bazohlolwa ukuthola ukuthi baqine kangakanani ngokwenyama nangokomqondo.

“Ngikholelwa ukuthi lawo maphoyisa azosiza emizameni yedolobha yokunqanda ubugebengu, nokulawula isiminyaminya emigwaqeni,” kusho uLongwe.

Related posts

Leave a Comment