Batholelwe indawo yesikhashana abahlaselwe yizikhukhula eNewcastle

Isambane News 16830649_424946554510691_3952819633187274695_n-3-300x225 Batholelwe indawo yesikhashana abahlaselwe yizikhukhula eNewcastle  Isambane

Ithimba labezimo eziphuthumayo kuMasipala waseNewcastle lihlele izindawo zesikhashana zokulekelela abakhungethwe yizikhukhula.
Ngokusho koMphathi wezokuVikeleka koMphakathi uNelson Mpeko, ngeSonto ithimba lakhe lahambela izandawo ezahlukene ukuhlola isimo kulandela imvula enamandla.
“Ngesikhathi sihlola isimo sithole ukuthi amabhuloho amaningi ayagcwala kanti futhi kumele siqaphelisise izindawo ezisondelene nemifula,” kusho yena.
UMpeko utshele abeZindaba24 ukuthi ayikho imibiko ngabantu abamuke nezikhukhula okwamanje kodwa zikhona izindawo ezihlelelwe amalungu omphakathi ikakhulukazi lawo asondelene nemifula.
Izindawo ezikhungatheke kakhulu kubalwa iLennoxton, Paradise kanye nemijondolo yaseSiyahlala-la naseMadadeni eSection 3 nase-5.
“NgoLwesibili sisebenzisane namalungu omphakathi ikakhulukazi abanikazi bamaveni ukuhlela amahholo omphakathi lapho kuzohlaliswa khona abantu abahlaselwa yizikhukhula.”
Kulungiswe amahholo omphakathi okubalwa iFairleigh ezosetshenziswa abantu base-Lennoxton, Paradise naseSiyahlala-la.
Umphakathi waseMadadeni uzocushiswa ehholweni lomphakathi kule ndawo kanti abaSosizweni kanye naseBlaauwbosch bazocushiswa ehholweni lomphakathi kanye nasesikoleni uMzamo High School
UMpeko uthi kuhlelwe umhlangano ophuthumayo wekomidi lezokuphepha noLwethathu ukulunguselela ukulawula isimo nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uphephile.Isambane News 16864042_424946524510694_5630964187141424725_n-225x300 Batholelwe indawo yesikhashana abahlaselwe yizikhukhula eNewcastle  Isambane

Isambane News 16864619_424946584510688_1012455223374419034_n-300x169 Batholelwe indawo yesikhashana abahlaselwe yizikhukhula eNewcastle  Isambane

Related posts

Leave a Comment