UDABA NESITHOMBE Ngu: Khethiwe Mazibuko
MADADENI – ABEZEMPILO basesibhedlela eMadadeni bebehambele inhlangano eholwa uNksz T.Ndabandaba embambisene noMnuz TB
Ndabandaba i-Asisinde isizwe esiza abantu abadala
abagulayo,ezinze eMadadeni esigcemeni sesithupha (6).
Abahlengikazi bebehambele lesikhungo ngenhloso
yokuhlola izifo ezahlukene njenge Sifo sofuba,isifo sikashukela ,umdlavuza kanye nokunye.
Akugcinanga lapho babe sebeqwashisa ngomdlavuza wendlala
kubantu besilisa (prostate cancer) kwazise phela
besikuyo inyanga kaNhlangulana bekuyinyanga
yokuqwashisa ngaso isifo somdlavuza.
Ubaba uSimon Langa othole ukuxilongwa ngalolusuku udlulise
ukubonga okukhulu kubahlengikazi baseMadadeni “ngyabonga njengoba sihlolwa ukuze sizokwazi ngezimpilo zethu ,ukuze sizothola
ukwelashwa “.kusho uLanga emvakpkuxilongwa.
Kanti uS
ister Mavuso yena ugqugquzele umphakathi ukuthi uhlole isifo somdlavuza ngoba siyelapheka uma
sisheshe satholakala.
Esithombeni u-Sister Mavuso exilonga uSimon Langa ngenkathi bevakashele izaguga esikhungweni “i-Asisinde isizwe” eMadadeni.