Yenza kahle i-Wasn’t planned kaDBA Flame no Tylor | Isambane News

Yenza kahle i-Wasn’t planned kaDBA Flame no Tylor | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Ingoma eqoshwe ngaphansi kwestebele somculo weHip Hop iMoney Making Kings equkethe oTreezymcee, Tylor Kidd, DBA Ricco, DBA Flame noHashtag Beat,yenza kahle njengoba selokhu iphumile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule abantu bawuvali umlomo ngayo bekhombisa ukuyamukela ngezandla ezimhlophe futhi ibukeka ingena ebantwini. Lengoma esihloko sithi “Wasn’t Planned” eshawa nguDBA Flame apike kuyo uTylor Kidd (osesithombeni) iphume emavikini ambalwa edlule. Kanti ungaphinde uzitholele nomunye umculo okhishwa ngaphansi kweMMK ngokubalandela ezinkundleni zokuxhumana.

Read More

Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News

Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Abalandeli besihlabani somculi kaMaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele bawotha ubomvu ngemuva kokuba iqhawe labo likhwele ladilika kwikhasi lakhe laku Facebook,lidilika uBig Zulu osematheni kulezinsuku ngezingoma zakhe ethi “Vuma dlozi” apike kuyo uMnqobi Yazo nethi “Isiginci” apike kuyo uMduduzi. Ethi kahle kahle ngabe uyena inxusa lakwaSpitz ukuba babengeke bambhanqe,maqede wangalidalula igama okukuveze ngokusobala ukuthi wayebhekise kuBig Zulu ngoba hhuye inxusa lakwaSpitz. Abalandeli bakhwele badilika kuye uMthandeni beveza nokuthi baphoxekile ngalamagaba awakhulumile UBig Zulu ubengakabonakali ekhombisa ukuphawula Isambane News – Sibuya Nazo Zishisa -isambanenews@gmail.com

Read More

Usenekhaya elisha uBongani Mtolo | Isambane News

Usenekhaya elisha uBongani Mtolo | Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Isibabuli somsakazi uBongani Mtolo usethole ikhaya elisha lokusakaza okuyiRadio 2000 emveni kweside isikhathi kunamahlebezi athi uMtolo angase ashiye kuEast Coast Radio lapho abesakaza khona futhi abesebambe iminyaka khona. UMtolo uzojoyina ithimba lasekuseni (Breakfast Show) kanti ngalolushintsho olwenziwe yiRadio 2000 kulindeleke ukukhuphuka kwezibalo zabalaleli njengoba uMtolo ubengaconsi phansi kubathandi beEast Coast Radio. Isithombe: Radio 2000 Twitter

Read More

Usolwa ngokushaya uMaskanda akhihlize amagwebu | Isambane News

Usolwa ngokushaya uMaskanda akhihlize amagwebu  |  Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Isihlabani somculo kaMaskandi uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi usolwa ngokushaya uMgqilazi ngomshiza ekhanda walala amankeyane wakhihliza amagqebuu waphuthunyiswa esibhedlela esexhunywe nemishini yokuphefumula, Lengxabano isuke ngemuva kokuba uMgqilazi egibele esiteji wathi eShowe nokulapho kuqhamuka khona uQhoshangokwenzakwakhe akukho zinsizwa khona nokuthe mayedilika esiteji uQhoshangokwenzakwakhe waqonda kuye wayombuza ukuthi umhlambalaze lani phambi kwabantu nokulapho-ke uQhoshangokwenzakwakhe egadle khona kuMgqilazi walala amankeyane.

Read More

Ushiye angalazi ku Ngizwe neGcokama uKhuzani | Isambane News

Ushiye angalazi ku Ngizwe neGcokama uKhuzani  |  Isambane News

USHIYE ANGALAZI KU NGIZWE NE GCOKAMA UKHUZANI. Udaba ngu: Njabulo Shezi Isihlabani somculo kaMaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose sishiye esingalwazi kwizimbangi zayo uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele oyisihlabani naye somculo kaMaskandi no Ngizwe Mchunu oke waba ngumsakazi kuKhozi FM kodwa osenesiteshi sakhe esisakaza kuFacebook nakuYou Tube iNgizwe Mchunu FM. uKhuzani ukhiphe iAlbum yakhe esihloko sithi “Inhloko nesixhanti”” nokulapho kunengoma khona asika kuyo uNgizwe Mchunu esho nokuthi udla amandla abaculi abasafika emculweni (KaMaskandi) kodwa ehlulwa uku-Promotha unkosikazi wakhe (uFlodda),kanti kuMthandeni yena umsole ngokudicilela phansi amandla abantu abasebenze naye abanjengo Skandi Kidd, Vusi Nova,…

Read More

UNgizwe Mchunu uzokwethula isiteshi somsakazo esithi yena ngesonto elizayo | Isambane News

UNgizwe Mchunu uzokwethula isiteshi somsakazo esithi yena ngesonto elizayo  |  Isambane News

Obengumsakazi woKhozi FM uNgizwe ‘Zulu Charmer’ Mchunu , kubikwa ukuthi uzokwethula isiteshi somsakazo esithi yena ngesonto elizayo, ngoMgqibelo. UNgizwe waxoshwa oKhozini ngonyaka odlule, kade ethula uhlelo olubizwa nge “Isigqi Sezwe” olungena ngo-2 kuyaku ngo-4 ekuseni phakathi neviki. Isiteshi sikaNgizwe ogama laso lithi “Ngizwe Mchunu FM” sizokwehluka kakhulu noKhozi FM njengoba sona sizobe siqondene ngqo nomculo kaMaskandi,okanye owesintu. Lezi zindaba zesiteshi sika Ngizwe ziqinisekiswe ngumculi kaMaskandi uNjoko ‘iHobosha Mbabo” obhale ekhasini lakhe lakwi-Facebook izolo kusihlwa, wathi “???????????????????? NGIZWE MCHUNU FM Uhlelo…. SISHAYA KWASANI NGO 9 TO 11 EKUSENI????????14 SEPTEMBER IYAQALA ???????????????? NGEKE USIBAMBE ESENKABO…

Read More

Kwantu Village brings you an all-day Women’s Day celebration,on Saturday, 10th August | Isambane News

Kwantu Village brings you an all-day Women’s Day celebration,on Saturday, 10th August | Isambane News

In this edition, we celebrate the spirit of women through dialogue, music, entertainment & other activities. A fun day for kids, family & friends. Dialogue & FoodBreakfast : Enjoy breakfast with Kwantu Village female partners & stuff. Breakfast serving from 09h00 – 10h30. Lunch : Enjoy intimate lunch with our guests, talking about their lives & struggles. Lunch serving from 12h30 – 14h30. Dinner : Enjoy intimate dinner with our guests, Ntsiki Mazwai, Bonolo Sumthin Brown Mafoyane, Ayahluma ka Mhayise, Nkanyezi Mndini & more sharing their life stories. Dinner serving…

Read More

Ubhekwe ngabomvu umcimbi wokuklomelisa abenza umculo wesicathamiya (Cothoza Music Awards) eDurban Playhouse kusasa

Ubhekwe ngabomvu umcimbi wokuklomelisa abenza umculo wesicathamiya (Cothoza Music Awards) eDurban Playhouse kusasa

Iqembu lesicathamiya laseMnambithi,Kwa-Zulu Natal i-Ladysmith Black Mambazo likwethulela umcimbi obizwa ngama-Cothoza Music Awards (COMAs) ,okuwumcimbi abawengamela okokuqala (1st Annual),obanjelwe e-Durban Playhouse. Inhloso yalo mcimbi ngukuhlonipha kanye nokugqugquzela abakule ndima yomculo wesicathamiya. Lomcimbi wama (COMA’s) uqale ngomhlaka-19 Juni nge-Cothoza Masterclass, ngomhlaka 20 Juni kwaba ne-Cothoza Music Concert ,kanti kulendeleke ukuba uphele kusasa mhla ziyi-22 kuJuni ngomcimbi wokuklomelisa abenza umculo wesicathamiya obizwa nge-Cothoza Music Awards (COMAs). uWelcome “Bhodloza” Nzimande, owayengumethuli wohlelo lwesicathamiya emsakazweni uKhozi FM ngonyaka ka-1978 , uzohlonishwa kulomcimbi kusasa uWelcome “Bhodloza” Nzimande – Isithombe sicashunwe ku IOL

Read More

LADYSMITH BLACK MAMBAZO TO HOST THE FIRST COTHOZA MUSIC AWARDS (COMAs) AND CONCERT

LADYSMITH BLACK MAMBAZO TO HOST THE FIRST COTHOZA MUSIC AWARDS (COMAs) AND CONCERT

Five-time Grammy Award winning Ladysmith Black Mambazo will be hosting the first annual isicathamiya awards, the Cothoza Music Awards (COMAs), on 22 June 2019 at The Durban Playhouse. The COMAs will be the culmination of a three-day programme at The Durban Playhouse that includes a masterclass on 19 June and the Cothoza Music Concert  on 20 June. Professor Joseph Shabalala, who founded the internationally acclaimed legends Ladysmith Black Mambazo 60 years ago, is very happy that these awards are finally taking place, since it has been his “long time dream for…

Read More

UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.

UFIKE NABALANDELI KWABHUNTSHA UMHLANGANO UMTHANDENI.

Udaba ngu: Njabulo Shezi UMthandeni Manqele odume ngele Gcokama Elisha oyisihlabani somculo kaMaskandi kuleli ukhala ngezintatheli ezibhala amanga ngegama lakhe nezidicilela phansi igama lakhe. Lokhu ukusho ngesikhathi kuhlehla umhlangano obubizwe yiKhuz’impi okuyinhlangano kaDr 3 Seconds njengoba kade kuzodingidwa isihloko se Album kaMthandeni entsha esithi “iDog Style”. Lomfana mina bengingalindele ukuthi kanti uzofika nabantu abaningi kangaka, ngoba phela besiyoqinisekisa nezokuphepha manje yena uvele watheleka nje nensada yabantu” kubeka uDr 3 Seconds

Read More