Kusenzima ukuqagula ngese PSL | Isambane News

Kusenzima ukuqagula ngese PSL | Isambane News

Udaba Ngu: Njabulo Shezi Kusenzima namanje ukuqagula ukuthi isicoco seligi kwiPSL sizowela kuphi njengoba amaqambu asembangweni wesicoco seLigi ebambene ngama phumuzu angama-53 nakuba-ke iKaizer Chiefs isaqhwakele ngokuhamba phambili ngamagoli, Womabili amaqembu asalelwe imidlalo emibili esandleni azowudlala wonke kanye kanye njengoba iKaizer Chiefs yona isazogadulisana neBaroka FC eqeda kubhaxabula iMamelodi Sundowns ngo1-0, Sisekuzo ezeligi Swallows FC yaseSoweto ikhuze ibuya kuPSL emveni kokunqoba isicoco seGlad Africa Championship kanti ibuyisana ne Ajax Cape Town elale isibili kanti kuPSL izembe lingase Ligawule iPolokwane City neBaroka FC kanti kuGlad Africa ligawule iTS Sporting neRoyal Eagles

Read More

Bayalulama abadlali abahlanu abatheleleke ngegciwane leCorona ku-Mamelodi Sundowns | Isambane News

Bayalulama abadlali abahlanu abatheleleke ngegciwane leCorona ku-Mamelodi Sundowns | Isambane News

I-Mamelodi Sundowns egijima ku Premier Soccer League (PSL) isiveze ukuthi inabadlali abahlanu abahaqwe yigciwane leCorona. Laba badlali okuvela ukuthi bahaqwe yigciwane leCorona sebalulama,kanti kulindeleke ukuba baphindele enkundleni maduzane ukuze baqale nokuzilolonga njengoba kulindeleke ukuba imidlalo yePSL ibuye maduzane. Njengoba kulindeleke ukuba kubuye imidlalo ye PSL enkundleni maduzane wonke umuntu ngaphakathi eqenjini usehlolelwe igciwane leCorona,kubeka iMamelodi Sundowns esitatimendeni. Isithombe: Sicashunwe ekhasini leMamelodi Sundowns ku Facebook

Read More

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngeye PSL | Isambane News

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngeye PSL | Isambane News

Udaba Ngu: Njabulo Shezi Akukazeki noma isazoqhubeka yini iLigi yebhola yalapha eNingizimu Afrika iPremier Soccer League noma izosale isisongwa ngenxa yobhubhane lweCOVID-19. Uma kungathiwa iyagoqwa isizini esikuyo lokho kuzosho ukuthi indebe kuzofanele inikezwe abahleli esicongweni seLog okuyiKaizer Chiefs. Sesike sabona kwenziwa kwiLeague yeCricket ivalwa kwasekuthi iDolphins okuyiyona eqhwakele yethiwa njengompetha,kanti futhi nakuPremier League yaseNgilandi nakhona kusikazwa kona ukuthi isizini isale isigoqwa lokho okuyosho ukuthi iLiverpool ingompetha beEPL. Isithombe: TwitterOfficial PSL (@OfficialPSL) | Twitter

Read More

Police recover vehicle with Telkom Knockout replica trophy | Isambane News

Police recover vehicle with Telkom Knockout replica trophy  |  Isambane News

DURBAN – It is alleged that this morning at 04:00, unknown men held up security guards at a bed and breakfast on Goble Road and stole a Toyota Quantum. Police were immediately alerted and the Provincial Vehicle Task Team as well as tracking company responded swiftly to the report of robbery. The police officers gave chase and the vehicle was found abandoned at D Section in Lindelani. When police found the vehicle they discovered a Telkom Knockout Trophy and 49 tickets to Saturdays final inside the vehicle. Officials at Telkom…

Read More

Itholakele indebe yeTelkom Knockout ebintshontshiwe eThekwini | Isambane News

Itholakele indebe yeTelkom Knockout ebintshontshiwe eThekwini  |  Isambane News

Itholakele indebe yeTelkom Knockout namathikithi awu-45 omdlalo wamanqamu weTelkom Knockout namhlanje. Lendebe itholakale itholakale kwitekisi kwa-D eLindelani,eThekwini namhlanje ekuseni ilibangise eMoses Mabhida Stadium. Lelitekisi litholakale lipakile njengoba amaphoyisa exwayiswe ngalo amalunga omphakathi. Lendebe ibingeyokukhangisa umncintiswano weTelkom Knockout. Udaba luyaqhubeka. Izithombe: Zithunyelwe

Read More

Amabhakabhaka nomqemqeshi omusha | Isambane News

Amabhakabhaka nomqemqeshi omusha     |   Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Isivuke ngomqeqeshi omusha i-Orlando Pirates yase Soweto eteketiswa ngokuthi ezikaMagebhula, lomqeqeshi igama lakhe nguJosef Zinnbauer odabuka eGermany obeqeqesha I FC St. Gallen yase Switzerland. UZinnbauer ulandwa ezimnyama ngemuva kokuba izinto zingahambi kahle kuMagebhula selokhu yalaxazwa nguMicho nokwaholela ekutheni kungene uRhulani ezicathulweni zakhe kodwa izinto zaqhubeka nokungabi zinhle. Isithombe sicashunwe ku internet

Read More

Sekuphinde kwahoxa neMadagascar kowe Bafana Bafana | Isambane News

Sekuphinde kwahoxa neMadagascar kowe Bafana Bafana  |  Isambane News

Udaba ngu: Njabulo Shezi Sekuhoxe neMadagascar ekudlaleni neBafana Bafana,lokhu kungenxa yezibhelu ezilokhu ziqhubekile eGoli zokuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli. iMadagascar beyilindeleke ukuthi itheleke kuleli kusasa bese ibhekana neBafana ngoMgqibelo ngo19:00 ntambama.Kuhoxa iMadagascar nje ngaphambilini bekuke kwabikwa ukuthi iBafana Bafana izodlala neZambia kodwa nayo yahoxa ngenxa yezibhelu ezidlalubi njengoba sekuhoxa neMadagascar nje.

Read More

U Reggie ‘Mapensela’ Ndlovu usejoyine iSupersport | Isambane News

U Reggie ‘Mapensela’ Ndlovu usejoyine iSupersport  |  Isambane News

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa Isihlabani somsakazi webhola ngolimi lwesiZulu kumabonakude uReggie ‘Mapensela’ Ndlovu usejoyine i-Supersport, esuka kwa-SABC. UNdlovu uzakhele udumo kubathandi bebhola kuleli ngendlela asakaza ngayo imidlalo yebhola.Uchaza kakhulu ababukeli uma esethi “Izodlal’ iTV” kanye nangamanye amagama awasebezisayo uma ethula imidlalo yebhola. Ngokwesitatimende esikhishwe uNdlovu ezinkundleni zokuxhumana ebonga uthe ” I would like to take this opportunity and thank everyone who supported my work as commentator under SABC SPORT, it’s been 4 full seasons and I will forever be grateful to SABC for giving me a platform to showcase my…

Read More