IBanyana Banyana ithelwe ngehlazo yiGermany ngo 4-0 emdlwalweni wayo wokugcina ku-Group-B

IBanyana Banyana ithelwe ngehlazo yiGermany ngo 4-0  emdlwalweni wayo wokugcina ku-Group-B

IBanyana Banyana ithelwe ngehlazo yiGermany ngo 4-0 namhlanje emdlwalweni wayo wokugcina ku-Group-B. Iqembu lesizwe lebhola labesifazane eNingizimu Afrika, iBanyana Banyana akulihambelanga kahle kwimidlalo yeNdebe yoMhlaba i-FIFA Women’s Cup ebanjwelwe eFrance,phesheya kwezilwandle. IBanyana Banyana ithelwe ngehlazo yiGermany ngo 4-0 namhlanje emdlwalweni wayo wokugcina ku-Group-B. IBanyana akuyihambelanga kahle nasemdlalweni wayo wokuqala njengoba yaguqiswa iSpain ngo 3-1, kwathi ngoLwesine  olwedlule emdlaweni wayo wesibili yathelwa ngehlazo yiChina ngo 1-0 Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uthi uzishaya isifuba ngokuzinikela kwabadlali bakhe. IBanyana kulindeleke ukuba ibuye kuleli ngemuva kokukwishwa kwimidlalo yeNdebe yoMhlaba i-FIFA Women’s Cup.

Read More

Kushone abantu ababili kwalimala oyedwa esigamekweni sokudubula endaweni yobumnandi

Kushone abantu ababili kwalimala oyedwa esigamekweni sokudubula endaweni yobumnandi

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa Madadeni – Kushone abantu ababili (2) kwalimala oyedwa (1) namhlanje kusihlwa esehlakalweni sokudubula esenzeke endaweni yobumnandi i-Khaziniz Shisa Nyama,e-Madadeni, esigcemeni sesithupha (6).Laba abathathu abathintekayo ekudutshulweni kulesigameko,kuvela ukuthi bangonogada .Abebekhona endaweni yesigameko kanye nasezinkundleni zokuxhumana bathi bashaqekile futhi abasazizwa bephephile eKhazins Shisa Nyama ngemuva kwalesi sigameko ngoba onogada ibona bantu abathembele kubona uma beze kulendawo yobumnandi,uma sekudutshulwa noma kulinyazwa bona abasazi ngempela benze njani.Amaphoyisa esiteshini saseMadadeni aseqinisekisile ngalesigameko kanti kube sekuboshwa umsolwa oyedwa ngemuva kokuba kudutshulwe onogada.

Read More

Iyaqhubeka ingqungquthela yengculazi eThekwini

Iyaqhubeka ingqungquthela yengculazi eThekwini

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa Usuku lwesibili namhlanje iqalile ingqungquthela emayelana negciwane lengculazi, ebanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Lengqungquthela emayelana negciwane lengculazi iqale izolo, mhla ziyi-11 izophothulwa ngolwesihlanu mhla ziyi 14 June 2019,kanti isingiyesi shiyagalolunye (9) kulonyaka iqhubeka. Phakathi kwezinto okulwisane nazo kakhulu indaba yokucwaswa kanye nokuhlukunyezwa kwabaphila negciwane lengculazi njengoba kuqalwe ngokubanjwa kwemashi ebihamba maphakathi nemigwaqo yeTheku,eqinisekisa ukuthi kuhlonishwe amalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi. Lengqungquthela ihanjelwe izikhulu zikahulumeni kuleli okubalwa kuzo,uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize,uNgqongqoshe weZempilo Kwa-Zulu Natal uNkz Nomagugu Simelane,uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikala,…

Read More

Isambane Productions to host the 2nd Annual Growing Your Business Seminar 2019

Isambane Productions to host the 2nd Annual Growing Your Business Seminar 2019

It is our pleasure to extend an exclusive invitation for you to consider becoming one of our valued attendees at the “2nd Annual Growing Your Business Seminar 2019” hosted by Isambane Productions under Amajuba Trade Fair The main objective of Amajuba Trade Fair is to promote entrepreneurship and connect local business people in Amajuba District to help enhance their businesses through exchanging ideas, meeting potential clients and suppliers, sell their products and promote their businesses as well as a friendly, informal networking opportunity where local people have the opportunity to…

Read More

Umphakathi waseMadadeni ukhala ngokwebiwa kwezivalo zezitamukoko bese kusala kuvuleke nge imigodi.

Umphakathi waseMadadeni ukhala ngokwebiwa kwezivalo zezitamukoko bese kusala kuvuleke nge imigodi.

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa Kuyamangaza ukubona sekuntshontshwa nezivalo zezitamukoko,ngoba besazi kwebiwa izimpompi zensimbi siyodayiswa kodwa kubukeka sekufike okusha,nokuyinto eqale ukwenzeka ngenyanga edlule. Lolu hlobo lwezivalo ezebiwayo ezensimbi,nokusolakala ukuthi zebiwa amaphara aseMadadeni bese eyozidayisa ezi-Scrap Yard ngenhloso yokuthola imali. Umphakathi uphinde wakhala ngobungozi obukhona emva kokwebiwa kwalezizivalo ngoba kunezingane kanye nabantu abahambayo endleleni abangase begalakadele kuyo lemigodi evulekile ngenxa yokwebiwa kwazivalo. Umphakathi unxusa amaphoyisa aseMadadeni ukuba angenelele kuloludaba aphinde ayohlola nakuma-Scrap Yards lapho kudayiswa khona lezizinsimbi. Umphakathi unxusa noMasipala waseNewcastle ukuba ungenelele bese efaka uhlobo lwezivalo zikasimende ngoba kusobala lezi zensimbi…

Read More

Radio 034 – The Voice of the Youth is Closing Down Completely

Radio 034 – The Voice of the Youth is  Closing Down Completely

Radio 034 which is considered to be one of the most popular go to Youth Radio station for the Amajuba District Population is actually shutting down. And the reason for the shut down is that they are not able to earn revenues. And another major reason is that Radio 034 had its sponsors pull out which has made the station Survival impossible. The station was founded in 2017 by Siyabonga Mthethwa & Nozipho Sibiya with a vision of promoting fresh ideas to facilitate youth as producers of radio programmes, and…

Read More

KZN DA Leader, Zwakele Mncwango Interview on Isambane News Radio – 11 January 2019

KZN DA Leader, Zwakele Mncwango Interview on Isambane News Radio – 11 January 2019

https://isambanenewsradio.podbean.com/e/kzn-da-leader-zwakele-mncwango-interview-on-isambane-news-radio-11-january-2019/ Umholi we Democratic Alliance KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango unxusa umphakathi wonkana e-KZN ukuba usukume uyobhalisela ukuvota kusukela ngomhlaka 26 – 27 January 2019, ukuze uma kufika uMay kulonyaka ukwazi ngobuningi bawo ukuzibonela ushintsho oluza neqembu ngoba ukholelwa ukuthi i-DA iyona ezobuyisa ithemba kubantu kuleli.

Read More