I-Chiefs isiwulungele umsebenzi eThekwini

Isambane News KS-8061-300x200 I-Chiefs isiwulungele umsebenzi eThekwini  Isambane

I-Kaizer Chiefs izotholana phezulu ne-Ajax Cape Town ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, nokungeminye yemidlalo yeChiefs yasekhaya eyanquma ukuyidlalela eThekwini.

Izinto ziwahambela kahle kulezi zinsuku aMakhosi njengoba esanda kuwina imidlalo emithathu ilandelana kwiligi kanti aphinde ashayela isipikili sokugcina ngokuwina iMacufe Cup, ebhaxabula iBloemfontein Celtic ngo-4-1 ngeSonto eledlule.

Umqeqeshi weziMpofana, uSteve Komphela, ukholwa ukuthi ezakhe zizokwazi ukugcina umgqigqo osewenze bahlala esicongweni se-log yePSL.

Ukunqoba kweChiefs kungaba isizathu esihle sokubungaza ukuhlanganisa iminyaka engu-72 yokuzalwa kwaSihlalo weqembu, uKaizer ‘Chincha Guluva’ Motaung kule mpelasonto.

“Iqembu lisebenza kanzima ejimini futhi sizoya eThekwini sinokuzethemba okukhulu,” kusho uKomphela engeza ngokuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuze banikeze abalandeli imiphumela ebafanele.

Related posts

Leave a Comment