Njengoba leligciwane lisabalala ikakhulukazi ngoketshezi oluphuma emlonyeni uma osenalo ekhwehlela noma ethimula. Kutholakele ukuthi iMask iyalekelela kakhulu ekutheni leligciwane lingabhebhetheki njengoba ucwaningo lwakamuva lukhomba ukuthi ikhona inhlesanyana yabantu ababanjwa ileligciwane kodwa bengakhombisi izimpawu zokugula, futhi lize ledlule kubo bengabonanga ukuthi bayagula noma selibaphathile.
Yingakhoke sekuthiwa sonke asigqoke amaMask, ngoba uma onaleligciwane ebe engazi ukuthi unalo ethimula noma ekhwehlela uzoligcina kwiMask yakhe lungasabalaleli kwabanye abantu nasezindaweni elingaqathakela kuzo njengamatafula, escalaters, njalo njalo nalapho abanye abantu bengagcina beba sencupheni yokulicosha khona ngezandla.
Udaba nesithombe: https://www.facebook.com/kznhealth/