Esigqikini noWide we-DYR FM

Isambane News WhatsApp-Image-2018-06-19-at-23.34.57-300x225 Esigqikini noWide we-DYR FM  Isambane

Isambane News WhatsApp-Image-2018-06-19-at-23.34.57 Esigqikini noWide we-DYR FM  IsambaneSamaJobe Zulu – uSiyabonga Msomi (24) owaziwa ngo-DJ Worldwide wazalelwa eNkandla Village, wafunda eKing Cetshwayo High School waphothula umatikuletsheni khona ngonyaka ka-2012. Ngo-2013 wafudukela eThekwini ukuyofezekisa amaphupho wakhe njengomsakazi, nokuyilapho ahlangana khona no-Victor Rose Jnr esasakaza kwiNanda Fm wamnika ithuba lokuba enze ingosi yokubika ngesiminyaminya sasemgwaqeni ohlelweni lwakhe lwasekuseni.

Ngebhadi-ke akahlalanga kakhulu khona, wahamba wayofundela ukusakaza e-Intec College ngawo unyaka ka-2013 nokuyilapho kwaqala khona ukufezeka kwamaphupho wakhe. 2014 waqeda izifundo zakhe zokusakaza, wathola ithuba lokuqeqeshelwa ukusakaza emsakazweni i-Highway Radio esenkabeni yedolobha eThekwini, waba ingxenye yomsakazo izinyanga eziyisithupha. “Cishe ngenza zonke izinhlelo laphayana, kwakumnandi. Ngangibambela umsakazi ongekho ngiphinde ngibe umdidiyeli wezinhlelo,” kubeka yena.

2015 wathola umsebenzi emsakazweni weNyuvesi yaseThekwini (DUT), ose-Steve Biko obizwa nge-Radio DUT. Umsakazo osakaza ngohlelo lwe-Internet, bamthatha njengomdidiyeli wezinhlelo wagcina esenohlelo lwakhe alushayelayo. Yilapho umsakazo omkhulukazi KwaZulu Natal iVuma FM yeza kuye yamcela ukuba abe ngumdidiyeli wohlelo lwasekuseni ngeMpelasonto. Emva kokuphela kwenkontileka yakhe i-Durban Youth Radio (DYR) yamupha ithuba lokuba asakaze uhlelo olungena ngoMgqibelo nangeSonto kusukela ngo-7 kuya ku-10 kusihlwa olubizwa nge-Weekend live.

Uphinde abe ngumphathi womculi obizwa ngo-Bright Deep, owenza uhlobo lomculo we-Rap osayinwe ngaphansi kwe-Bentley Records ephesheya kwezilwandle, kanye ne-Gallo Records yakhona lapha eNingizimu Afrika. “Kungumsebenzi omangazayo, omnandi kodwa onzima kancane,” esho.

UWide uphinde afundise ukusakaza esikoleni esifundisa ukusakaza esibizwa nge-Fellas Groove Entertainment. Usekhiqize abafundi asebesakaza ku-Ugu Youth Radio, Vibe FM, nakwiNtokozo FM.

Related posts

Leave a Comment