Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

Ubuholi be Democratic Alliance(DA) eMajuba bamukele amalunga amasha aqhamuka eqenjini leNational Freedom Party(NFP) izolo ePhelandaba esigcemeni sesithathu,eMadadeni.

U- Dr Imran Keeka, Constituency Head for Amajuba uthe, njengoba umhlaka 8 May ususemome bazohlanganyela nabantu abaningi ukudlulisa umlayezo wokuthi i-Ningizimu Afrika ingeyawo wonke umuntu futhi beyi-DA bakulungele ukubusa. Bazoqinisekisa ukuthi indlu ngayinye inomuntu osebenzayo, yonke imingcele iphephile, inkohlakalo iphele baqinisekise nokuthi abakwa siDlodlo bayabuqeda ubugebengu eNingizimu Afrika futhi zonke izidingo zabantu bayaziletha emphakathini.
Amalunga amasha aqhamuka eqenjini le NFP ukuzo joyina i-DA
Abanye babo abamukelwe kwi -DA uFikile Dlamini obengu Office Admin kwi-NFP kanye noMnu Maliyakhe Shelembe owayenguSihlalo we-NFP kuZwelonke.

uShelembe uthe Inhloso yoku joyina iqembu le DA yingoba i-NFP yamxosha, kanti abantu basamdinga yingako eseku DA, uthi uthanda indlela esebenza ngayo futhi uzosebenzisana nayo. Uqhube wathi uma i- DA inikwa ithuba bazobuyisa isithunzi somuntu ukuthi imali yakhe yeNtela neyama Rate iyamsebenzela futhi iya kuye ingebiwa, zonke izidingo ngqangi zingenzeka kalula, uma kuzophela amasela agcwele ku-Hulumeni.

uMnu Maliyakhe Shelembe owayenguSihlalo we-NFP kuZwelonke.
Uphethe ngokuthi iqembu le DA lilwisana nobugebengu ukuze intuthuko isheshe, kumele kuphele ubugebengu.