I-DA ihalalisele uMnu Cyril Ramaphosa ngokufungiswa kwakhe njengoMengameli wakuleli

Isambane News unnamed-300x209 I-DA ihalalisele uMnu Cyril Ramaphosa ngokufungiswa kwakhe njengoMengameli wakuleli  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

IQembu le Democratic Alliance lihalalisele uMnu Cyril Ramaphosa ngokufungiswa kwakhe ukuba nguMengameli wezwe lase Ningizimu Afrika.

Isambane News unnamed I-DA ihalalisele uMnu Cyril Ramaphosa ngokufungiswa kwakhe njengoMengameli wakuleli  Isambane
Umholi weDemocratic Alliance uMnu Mmusi Maimane kanye noMengameli uMnu Cryl Ramaphosa
Isithombe: https://www.sowetanlive.co.za

Lokhu kuyi maki loshintsho oluzokwakha iNingizimu Afrika eyodwa eZweni, i-DA iphinde yamfisela okuhle kodwa kumsebenzi asazowenza.

uMholi weDA uMnu Mmusi Maimane uthe, “uma uMengameli enza lokhu okuzojabulisa iNingizimu Afrika, aphinde abenobuqotho ngokushintsha umnotho, uyothola konke ukwesekwa yiqembu leDemocratic Alliance. Kanti uma neKhabhinethi eyinhloko izoshintsha isimo saseNingizimu Afrika lokhu kuzokhombisa ukuzibophezela kanye nezinguquko eZweni laseNingizimu Afrika. Umnotho kufanele uncishiswe ngezindlela ezintathu ukuze kube nomnotho omningi ohambisana nenqubomgomo – yezezimali, izinhlangano zikaHulumeni kanye nemisebenzi. uMengameli kumele aqoke ongqongqoshe abazozi bophezela babe namandla ekumelaneni nezimo abahlangabezana nazo”,kubeka uMaimane

Related posts

Leave a Comment