i-EFF izwakalisa ukungenami ngohlu lweKhebhinethi kaRamaphosa

Isambane News 601380_293583980782741_1801689004_n-300x141 i-EFF izwakalisa ukungenami ngohlu lweKhebhinethi kaRamaphosa  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

IQembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) alilwamukeli uhlu lwe Khebhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa.Ithi imbona engena qiniso futhi isinqumo sakhe seKhebhinethi sikhombisa ukweyisa Izwe laseNingizimu Afrika njengoba ephinde wanciphisa isibalo soNgqongqoshe kwiKhebhinethi kodwa wanyusa isibalo samaSekela oNgqongqoshe.

Ukuncishiswa kweKhebhinethi kuyaye kukhombe ukuthi kuzoncipha imali yabakhokhi beNtela, kodwa lokhu akuka feziki kwazise isibalo sama Sekela oNgqongqoshe sinyuke ngendlela eyisimanga. Yize kuthiwa oNgqongqoshe bancishisiwe kuKhebhinethi.

I EFF ikubona lokhu kuvuna iQembu leAfrican National Congress futhi uRamaphosa wehlulekile ukuhlenga imali yeSizwe kwiANC.

I-EFF ithi konke lokhu kukhomba impi kanti noRamaphosa uzongcine ephathwa njengalowo owayenguMengameli uMnu Jacob Zuma.

Iphethe yathi oziba okutholwe nguMvikeli woMphakathi uyisitha seEFF kanye nemigomo yeZwe.

Isithombe sicashunwe ku: https://www.facebook.com/economicfreedomstruggle/

Related posts

Leave a Comment