I-FIFA isiqinisekise izikhala ezingu-9 ze-Afrika kwiNdebe yoMhlaba

Isambane News 13131550_882443985216443_958314848975486277_o-300x202 I-FIFA isiqinisekise izikhala ezingu-9 ze-Afrika kwiNdebe yoMhlaba  Isambane

Inhlangano yebhola emhlabeni iFIFA isiqinisekise amazwe asezwenikazi i-Afrika ukuthi asezothola izikhala ezingu-9 kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba uma ngabe lo mqhudelwano usunyusa isibalo samaqembu sifinyelela ku-48 ngo-2026.
NgoJanuwari, inhlangano yebhola emhlabeni yavota ngobuningi ukuthi kunyuswe isibalo samaqembu adlala kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba sisuka ku-32 siya ku-48.

Isifunda seCAF singathola izikhala ezilinganiselwa kwezingu-10 ngenxa “yomqhudelwano wama -play-off wamazwekazi obandakanya amaqembu ayisithupha ozonquma ngezikhala zeFIFA World Cup ezimbili.”

Khonamanjalo, kusazomenyezelwa ukuthi yiliphi izwe elizosingatha iNdeba yoMhlaba yangonyaka ka-2026 njengoba i FIFA isikhiphe uhlu lwezinto ezidingekayo izwe okumele lihlangabezane nazo ukuze kucutshungulwe isicelo salo sokusingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba.

UKWABIWA KWEZIKHALA KWINDEBE YOMHLABA NGO-2026:
AFC (Asia): 8.5 wezikhala
CAF (Africa): 9.5 wezikhala
CONCACAF (North America): 6.5 wezikhala
CONMEBOL (South America): 6.5 wezikhala
OFC (Oceania): 1.5 wezikhala
UEFA (Europe): 16 wezikhala

Related posts

Leave a Comment