Iqembu eliphikisayo kuleli Inkatha Freedom Party (IFP),yethule umhlahlandlela wayo wokhetho (election manifesto for the 2019 general elections) phambi kwezinkulungwane zabalandeli bayo abebebuthelene enkundleni yezemidlalo i-Chatsworth Stadium eThekwini namhlanje.
Umholi we IFP, Inkosi DKT Mangosuthu Buthelezi enkulumeni yakhe uthe uma kwenzeka iqembu lakhe linqoba ukhetho lizogxila kakhulu ekulweni nenkohlakalo edla lubi kuleli njengoba iqembu elibusayo i-ANC libuswa inkohlakalo futhi lihluleka ukufezekisa izidingo zabahlali base Ningizimu Afrika, ngakho bona njenge IFP bazoqinisekisa ukuba babeka izidingo zabantu bakuleli phambili baqede nenkohlakalo.
Izithombe: Mfanafuthi Nkabinde