I MARITZBURG UNITED ETHUBENI LOKUPHINDELA KU PSL

Isambane News rLseIj_M-300x300 I MARITZBURG UNITED ETHUBENI LOKUPHINDELA KU PSL  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Iqembu laseMgungundlovu,Kwa-Zulu Natal iMaritzburg United isethubeni lokuphindela kuPSL okuyiligi enkulu yalapha emzansi,iUnited izithola ikulemedlalo emveni kokubangwa nezibi kwiPSL Sizini ka 2018/19 yaze yalanyulelwa umdlalo wokugcina lapho yadlala ngokulingana neBaroka FC ngo 1-1 kwasekudliwa iFreeState Stars eyayingenhla kwabo ngo 1-0 idliwa iMamelodi Sundowns nengompetha besicoco seligi ngaleyondlela iStars yagawulwa yizembe iUnited yanyukela ngenhla.

iMarizburg kulemidlalo yamaPlay- Offs zibukeka zikhanya izindlela zayo njengoba iqhwakele kwiligi yamaqembu amathathu ngamaphuzu ayisithupha (6) ilandelwa yiTTM ngamathathu (3) ilingana neRoyal Eagles ebambe ekugcineni ngamathathu.

iMaritzburg ivule imidlalo yayo neRoyal Eagles bayibhaxabula ngo 1-0 balandela ngeTTM abayidla ngo 2-0, kanti iMaritzburg ayikangenelwa nayelilodwa igoli. iRoyal Eagles yona yavula neTTM yanqoba ngo 1-0 kolandelayo iTTM yabuya ngewini ka2-1 ibhaxabula yona iRoyal Eagles.

Kusasa iMaritzburg United izotholana phezulu neRoyal Eagles kowandulela umdlalo owokugcina ozoba ngoMgqibelo ezowudlala neTTM.

iMarizburg ukuze iqinisekise indawo yayo kwiPSL kufanele ithole noma iphuzu elilodwa.

Isambane News team01 I MARITZBURG UNITED ETHUBENI LOKUPHINDELA KU PSL  Isambane

Izithombe zicashunwe ku: http://www.maritzburgunited.co.za

Related posts

Leave a Comment