i-Orlando Pirates yemuke nendebe yeCarling Black Label | Isambane News

Isambane News 67409484_10156205969272097_7181921394702155776_n-300x202 i-Orlando Pirates yemuke nendebe yeCarling Black Label  | Isambane News  Isambane

Ingompetha be-Carling Black Label Cup i-Orlando Pirates ehlule i-Kaizer Chiefs ngo 2 – 0 ,emdlalweni obuse FNB Stadium namhlanje ntambama.

Igoli lokuqala le Pirates lifakwe enethini ngu Augustine Diego Mulenga ngomzuzu wesi-17 ,elesibili lafakwa ngu Thembinkosi (Nyoso) Lorch ngomzuzu wesi-30.Wonke lamagoli angene ngesiwombe sokuqala,kanti kuyiwe ekhefini i-Pirates ihamba phambili ngamagoli amabili (2),i-Chiefs yona ibineqanda.i-Chiefs iwatholile amathuba ayo kodwa yadlala ngawo.

Umdlali obegqame kunabo bonke kulomdlalo (Man of The Match) ngu Thembinkosi (Nyoso) Lorch

Isambane News 67159999_10156205850437097_6117399229104128000_n i-Orlando Pirates yemuke nendebe yeCarling Black Label  | Isambane News  Isambane
Thembinkosi (Nyoso) Lorch

I-Pirates izovula imidlalo ye-Absa Premiership neBloemfontein Celtic ngomgqibelo ozayo, emadlalweni ozoba seOrlando Stadium ngehora lesithupha ntambama ,bese i-Kaizer Chiefs yona izotholana phezulu ne-Highlands Park,emdlalweni ozoba ngesonto eThohoyandou Stadium,ngehora lesithathu ntambama.

Umdlalo wanamuhla ubumi kanje

Chiefs: Bvuma, Mphahlele (Frosler 42′), Cardoso, Mathoho, Gordinho, Maluleka, Ntshangase, Billiat, Zuma, Parker, Kambole. 

Pirates: Sandilands, Dube, Jele, Chabalala, Maela, Motshwari, Lorch, Pule,  Memela, Mulenga, Shonga. 

Isambane News 67347870_10156205707887097_6707132972245450752_n i-Orlando Pirates yemuke nendebe yeCarling Black Label  | Isambane News  Isambane
Isambane News 67409484_10156205969272097_7181921394702155776_n-1 i-Orlando Pirates yemuke nendebe yeCarling Black Label  | Isambane News  Isambane
Izithombe zicashunwe: https://www.facebook.com/OrlandoPirates/

 

Related posts

Leave a Comment