I-Sundowns ethubeni lokudla isicoco seligi kulesizini

Isambane News 58756917_2635389969808656_7682667903711182848_n-1-300x300 I-Sundowns ethubeni lokudla isicoco seligi kulesizini  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

I-Mamelodi Sundowns ibuyise amathemba amakhulu
kubalandeli bayo, sokudla isicoco seligi kulesizini.

I-Sundowns inyukele endaweni yesibili kwi-log nanhlanje kulandela ukubhaxabula i-Chippa United ngo 3-2,emdlalweni obusePitoli namhlanje ntambama.

Nakuba i-Orlando Pirates ingelinye lamaqembu asethubeni lokudla isicoco se-Absa Premiership kule sizini kodwa i-Sundowns nayo ayizibekile phansi njengoba ikwazile ukuqhwakela endaweni yesibili
esicongweni se-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu awu-50,ilandelwa yi-Orlando Pirates enamaphuzu awu-50.

I-Pirates iqhwakele phezulu esicongweni se-log ngamaphuzu awu-50 emidlalweni ewu-27. ISundowns endaweni yesibili ngamaphuzu awu-50 bese kuhlala i-Bidvest Wits endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-44, ezodlala neBlackLeopards kusasa kusihlwa eBidvest Stadium.

Isambane News 58542781_2635816666432653_2985055601328914432_n I-Sundowns ethubeni lokudla isicoco seligi kulesizini  Isambane

Related posts

Leave a Comment