IBafana Bafana idlale ngokulingana ngesikhathi idlala neMozambique emdlalweni wobungani e-Estadio do Zimpeto eMaputo.
Umdlalo uphele ngo 1-1 ngapha nangapha.
Njengoba uShakes Mashaba esamisiwe, umsizi wakhye u-Owen da Game wenze izinguquko ezingu-8 eqenjini elanqoba owokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2018 ngoMgqibelo lidlala neSenegal.
Igoli leMozambiqu lifakwe nguClesio Bauque ngomzuzu ka-26 kanti eleBafana Bafana lona lifakwe nguBradley Grobler ngomzuzu ka-56.