iKaizer Chiefs ithele iChippa United ngehlazo lika 4-2 emdlalweni we-Nedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi namhlanje kusihlwa.
Amagoli amaKhosi abekwe enethini nguDumisani Zuma (amabili),Bernard Parker(elilodwa), noKhama Billiat.

Indlela eqale ngayo iChippa emdlalweni wanamhlanje ibikhombisa ukuthi iyihlelele kahle iChiefs kwazise ibiyicindezela kakhulu emdlalweni kodwa kwale ukwenza,zashabalala izinhlelo zayo.Amagoli eChippa United abekwe enethini nguAndile Mbenyane noLerato Manzini
Lomphumela uchaza ukuthi iKaizer Chiefs izobhekana ne-TS Galaxy edlala kwi-NFD okukuqala ngqa emlandweni weNedbank Cup kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngomhlaka 18 May 2019.

Imiphumela yemidlalo yeNedbank Cup yanamhlanje imi kanje:
Golden Arrows 1 – 3 TS Galaxy.
Chippa United 2 – 4 Kaizer Chiefs.
Kowamanqamu weNedbank Cup kume kanje:
Kaizer Chiefs vs TS Galaxy