IGCOKAMA ELISHA EMDLALWENI WAMANQAMU WEMTN8

Isambane News 35795447_1044726709014978_8068359767938039808_n-253x300 IGCOKAMA ELISHA EMDLALWENI WAMANQAMU WEMTN8  Isambane

Isambane News b1a418b2-6168-44ce-9c6a-c26a6c012e40-200x300 IGCOKAMA ELISHA EMDLALWENI WAMANQAMU WEMTN8  Isambane
Andizo Mthembu –

Kulindeleke ukuthi inkundla iMoses Mabhida Stadium igcwale ngempelasonto njengoba kuwumdlalo omkhulu wamanqamu eMtn8 nalapho kuzobe kutholene phezulu iqembu leCape Town City kanjalo ne Supersport United.

Lamaqembu abhekena Kulomdlalo nje nangesizini edlule iwona afinyelela kowamanqamu nalapho kwanqoba iqembu le Supersport united ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umqeqeshi weCape Town City uBenni Maccarty uthi uzimisele kakhulu ngokuthi anqobe lomdlalo wangomngqibelo njengoba ethi akafuni ukuphindwa iqembu elilodwa njalo emdlalweni wamanqamu, ngasohlangothini lweSupersports United umdlali walo uReneliwe Letsolonyane uthi bazimisele ngokuthi beshaye iCape Town City noma bazi kahle kamhlophe ukuthi ukubhekana neCity akubi lula njengoba ethwalisana ubunzima enkundleni, ngesizini edlule uLetsolonyane ubekhona beshaya iCity eMoses Mabhida stadium,kanti abantu angeke bajabuliswe ibhola Kuphela njengoba kuboshelwe abaculi abahlukahlukene bakaMaskandi kanjalo nekwaito abazobe benandisa Kulomdlalo singabala uMthandeni Manqele, Khuzani Mpungose, Dsd, Dj Tira nabanye abaningi kanti amathikithi okuyobuka lomdlalo asatholakala eTicketpro.

Related posts

Leave a Comment