IMabala Noise ihlela ukuletha u Tory Lanez kwi Durban July

Isambane News 13701135_10154366037711079_1497051312361127328_o-300x200 IMabala Noise ihlela ukuletha u Tory Lanez kwi Durban July  Isambane

IMabala Noise izoletha omunye umculi waphesheya kwiDurban July
Isetebele semculo, iMabala Noise, sihlela ukuletha omunye umculi waphesheya kuleli emcimbini owubukhazikhazi waminyaka yonke, iVodacom Durban July.

Lesi sitebele sesimemezele ukuthi sizoletha kuleli umculi waphesheya we-RnB, uTory Lanez, nokulindeleke ukuthi anandise emcimbini owandulela iDurban July ngomhlaka-30 kuJuni ngoLwesihlanu.

Ngale kwalo mculi waphesheya baningi nabanye abaculi bakuleli abazobe benandisa kulo mcimbi nalapho kubalwa kubo uKwesta, uRiky Rick, uGigi Lamayne, uNadia Nakai, uCassper Nyovest, u-AKA, u-Emtee, uZakwe kanye noL’vovo.

Related posts

Leave a Comment