Imeya yaseNewcastle uDKT Mahlaba ithi ayimsabi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele

Isambane News unnamed-1-300x225 Imeya yaseNewcastle uDKT Mahlaba ithi ayimsabi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele  Isambane

Udaba ngu: Samukelisiwe Hadebe

iMeya kaMasipala waseNewcastle, uDKT Ntuthuko Mahlaba uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMadadeni namhlanje.

UMahlaba usolwa ngecala lokubulala owayengumholi we-ANCYL esifundeni eMalahleni, uMnuz Wandile Ngobeni,okuyisigameko esenzeka ngonyaka ka2016.

Ngesonto ezinkundleni zokuxhumana kuke kwasabalala ukuthi iMeya yaseNewcastle uDKT Ntuthuko Mahlaba isulile esikhundleni sayo sobuMeya.

Ithimba labezindaba zeSambane base bezama ukuthola umnyombo walezi nhlebezi ngokuxhumana nabasebenzi boMasipala,babe sebekuqinisekisa ukuthi amampunge wodwa lawa athi iMeya isisulile kusikhundla sayo .

UMahlaba ekhuluma namalunga omphakathi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMadadeni,uthe usenguSihlalo weSifunda saseMalahleni neMeya yaseNewcastle.

UMahlaba uphethe ngokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu Bheki Cele ungomunye wabantu abazama ukumchitha esikhundleni sakhe ,akamsabi futhi unobufakazi anabo babantu asebenzisana nabo uCele ngenhloso yokumcindezela.

UMahlaba uzobuyela enkantolo ngo Julayi 9.

Isambane News unnamed-2 Imeya yaseNewcastle uDKT Mahlaba ithi ayimsabi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele  Isambane
Isithombe: Orrin Singh , https://www.timeslive.co.za

Related posts

Leave a Comment