Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa
UMasipala weTheku oholwa nguNksz Zandile Gumede uhambele izindawo ezahlukene namhlanje ngenhloso yokuyohlaziya umonakalo owenzeke ezindaweni eziseThekwini ngemuva kwemvula enamandla ebihambisana nezikhukhula ebihlasele izolo.
Izindawo ezifana neNtuzuma,Kwa Mashu,Clermont,Inanda,eMaoti,Pinetown,Mayville,Amanzimtoti kanye nezinye izindawo eziseThekwini zibe nomonakalo omkhulu ngenxa yemvula ebihambisana nezikhukhula.
Umasipala weTheku uvule amahholo omphakathi ezindaweni ezahlukene,ukuba abantu abalinyalelwe amakhaya abo bathole indawo yokukhosela njengoba isimo sibheda kubo.

ISITHOMBE: https://www.facebook.com/eThekwiniM
Abesimo sezulu bakwa-South African Weather Services baveze ukuthi, kulindeleke ezinye izimvula ezinamandla eThekwini nasezingxenyeni ezisempumalanga nasenyakatho nesifundazwe saKwa-Zulu Natal kulelisonto.
IMeya yeTheku uZandile Gumede udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe izihlobo zayo ngenxa yalemvula ebisambisana nezikhukhula,waphinde wanxusa umphakathi ukuba uqaphele uma kuhlasela imvula kanye nabashayeli bezimoto ukuba baqaphele uma beshayela uma kunemvula enamandla.