Umbiko uveza ukuthi nakulo nyaka ka 2016 i Mpangeni iyona okubukeka ihamba phambili ngobugebengu ohlwini lwezindawo ezinobugebengu obuningi esifundazweni sakwaZulu-Natal.
Lokhu kuvela ngemibiko esanda kukhishwa ngocwaningo lodlame phakathi kuka Ephreli 2015 wonyaka odlule no Mashi 2016.
Okunye okuvelayo,ukwebiwa kwezimoto nakho kubonakala kudlondlobala,hhayi eMpangeni kuphela kodwa e Zululand yonkana kanye nakwezinye izifunda zaKwazulu-Natal.