Indida ngodlwengule umtanakhe

Isambane News 12932933_1325733707453568_7376613989318000906_n-300x225 Indida ngodlwengule umtanakhe  Isambane

Udaba: Ntobeko Makhaye Umphakathi ushaqekile emva kokuzwa ukuthi uyise enukubeze ingane yakhe yentombazane uLisa Mthembu (5) unukubezwe ubaba wakhe wegazi uBongumusa Mthembu (28) Lesisigameko senzeke e Greytown Emakhabeleni.

Kubikwa ukuthi lomlisa ubegula elele esibhedlela, bamnikeza izinsuku ukuthi akeze ezobona ekhaya kulaphoke afike wadlwengula wanukubeza ingane yakhe.

Unina womtwana uMbali Mnqobo (25)) uzwakalise ukukhathazeka ngalesisigameko.Lomlisa okubikwa ukuthi ufikile wanukubeza ingane yakhe kuthiwa ubeyibizela endlini yakhe bese eyidlwengula konke lokhu bekwenzeka izinsuku zilandelana kusho uLisa Mthembu (5).

Unina womtwana uhambile waya emaphoyiseni wayomvulela icala lokuthi aboshwe umsolwa.

Related posts

Leave a Comment