INHLANGANO ENGENZI NZUZO IBUNGAZE I-MANDELA DAY NABESIFAZANE ABABELETHE NGALOLUSUKU ESIBHEDLELA SASE PIET RETIEF

Isambane News 7663b47d-38df-449b-8e4e-87330dbc04e4-169x300 INHLANGANO ENGENZI NZUZO IBUNGAZE I-MANDELA DAY NABESIFAZANE ABABELETHE NGALOLUSUKU ESIBHEDLELA SASE PIET RETIEF  Isambane

Udaba ngu: Thandeka Shongwe

Kube injabulo yodwa bephiwa izipho ezizoba wusizo ebantwaneni abesifazane ababelethe osukuwini lwanamhlanje esibhedlela sase Piet Retief. Lezizipho ziphume kwinhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge Beauty Grootboom foundation neyasungulwa uyena uNkosikazi Beauty Grootboom ozinze endaweni yase Piet Retief.

Umsunguli walenhlangano exoxisana nomthombo wokwazisa uthe ukhethe ukuchitha imizuzu yakhe ewu 67 ngokuphisana ngezipho kulesibhedlela ngoba isona isikhungo sezempilo alanda kuso imishanguzo yakhe,wananela ngokuthi sekuneminyakeni eyishumi nesishiyagalo lunye (19) ehamba kulesibhedlela akakaze waphathwa ngendlela engafanele.

Uphinde wabulula nezinye zezinhlelo zakhe zosuku lwanamhlanje njengoba ethe emvakwamadina namhlanje uzoba nendumezulu  yedili lezidlo nokuyilapho azahlanganyela khona nabafelokazi abangamakhulu amabili, aphinde anikele ngomfaniswano wesikole uphethe ngokuthi lomcimbi kulindeleke uhanjelwe uMculi we Joyous Celebration uJabulile Nkosi nabaculi nendawo.

Izithombe ngu: Thandeka Shongwe

Isambane News eb71e02d-1a19-4ce3-922b-0a1c6c3b89d8-1024x576 INHLANGANO ENGENZI NZUZO IBUNGAZE I-MANDELA DAY NABESIFAZANE ABABELETHE NGALOLUSUKU ESIBHEDLELA SASE PIET RETIEF  Isambane
Isambane News 379afda5-a1c1-4473-9462-48dc77304ef6-1-576x1024 INHLANGANO ENGENZI NZUZO IBUNGAZE I-MANDELA DAY NABESIFAZANE ABABELETHE NGALOLUSUKU ESIBHEDLELA SASE PIET RETIEF  Isambane
Isambane News 7663b47d-38df-449b-8e4e-87330dbc04e4-576x1024 INHLANGANO ENGENZI NZUZO IBUNGAZE I-MANDELA DAY NABESIFAZANE ABABELETHE NGALOLUSUKU ESIBHEDLELA SASE PIET RETIEF  Isambane

Related posts

Leave a Comment